I-DA neminye imizamo yokuketula uDe Lille

2018-04-18 14:01

Cape Town – Isigungu esiphezulu seDemocratic Alliance (DA) sesinikeze ikhokhasi yayo eKapa imvume yokuba iphinde izame ukuketula iMeya uPatricia de Lille.

Izikhulu eziphezulu kuleli qembu zibenomhlangano omncane ngoLwesithathu ekuseni ukudingida ngesicelo sekhokhasi sokufaka esinye isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaDe Lille.

Lokhu kwenzeka nje akukapheli namahora angu-48 ikhokhasi ibenomhlangano wangasese ngoMsombuluko, nokuyilapho iningi livotele khona ukuba kufakwe esinye isiphakamiso, kwathi u-10% wangafuna ukuvota.

OLUNYE UDABA: Ishonile indoda eshayiswe yisitimela eKZN

NgoFebhuwari, isiphakamiso esafakwa yiDA sokungabethembi ubuholi bukaDe Lille kasiphumelelanga njengoba imeya yasizwa ngamaqembu aphikisayo ukuze aqhubeke nomsebenzi wayo.

Umholi weDA eWestern Cape uBonginkosi Madikizela uthi: “Isigungu esiphezulu sithathe isinqumo sokugunyaza isicelo sekhokhasi yayo kumkhandlu waseKapa sokuba ifake isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bemeya.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.