I-DA ngeke imthathele zinyathelo uZille ngezinsolo ‘zokucwasa’

2016-12-23 14:30

Cape Town – IDemocratic Alliance (DA) ithi angeke ize imthathele izinyathelo uNdunankulu waseWestern Cape, uHelen Zille, kulandela ukusuka komsindo ngokuphawula kwakhe akwenze enkundleni yezokuxhuama, iTwitter, kubika iThe HuffingtonPost.

UZille ubephawula mayelana nesenzo esisuse imvunge esenziwa ngomunye woweta wendawo yokudla, iBungalow, nowabhala epheshaneni olithola uma uthengile (till slip) ukuthi “2 blacks” nokusho ukuthi ababili abamnyama.

Kwabe sekusuka omkhulu umsindo ngemuva kokushicilelwa kwaleli pheshana ezinkundleni zokuxhumana njengoba abanye bachaza lesi senzo njengesokucwasa ngokwebala.

OLUNYE UDABA: UHelen Zille yinkunzimalanga yomcwasi – ANC

Kuthe kusenjalo uZille naye wangenelela kule nkulumompikiswano nalapho abuza khona kuTwitter ukuthi; “kungani kulungile ukuhlukanisa abantu ngokobuhlanga emisebenzini kodwa bangahlonzwa abantu ngokobuhlanga etafuleni?”

Lo weta, ongowokudabuka eZimbabwe, wamiswa emsebenzini ngesikhathi kuqhubeka uphenyo ngalesi sigameko kanti wabuye waxolisa, wathi uyazisola ngesenzo sakhe.

UZille usethole okukhulu ukugxekwa ezinkundleni zokuxhumana ngalokhu kuphawula kwakhe njengoba kunalabo abakholwa ukuthi ukuphawula kwakhe kweseka ukucwasa ngokwebala.

I-ANC eWestern Cape isinxuse i-DA ukuba ixoshe ngokushesha uZille njengoNdunankulu wesifundazwe ngaphambi kokuba enze umonakalo omkhulu.

Kodwa-ke uSihlalo weDA, uJames Selfe, uye wamsekela uZille wathi futhi leli qembu ngeke lize limthathele zinyathelo ngokuphawula akwenzile.

“Ngicabanga ukuthi lokhu akuwunyatheli umgomo wethu noma yingayiphi indlela futhi nakanjani asinazo izinhloso zokumthathela noma ngabe yiziphi izinyathelo ,” kusho uSelfe.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.