I-DNA iqinisekise ukuthi ngesowesifazane obedukile isidumbu esatholakala emotweni eshile

2018-03-02 14:01

Cape Town - Sekuqinisekiswe ukuthi izicubu zomzimba ezasha nemoto esiteshini sesitimela iDiep River ngesonto eledlule ngezowesifazane, uGill Packham, waseConstantia okwabikwa ukuthi udukile.

Okhulumela amaphoyisa aseWestern Cape uCaptain FC Van Wyk uthe ukuhlonzwa kwalesi sidumbu kuqinisekiswe ngoLwesine ngolibofuzo.

"NgoLwesine ebusuku, abaseshi abasebenzela esiteshini samaphoyisa aseDiep River, ngemuva kokusebenza kanzima isonto lonke, babophe indoda, 57, emzini wayo oseConstantia ngecala lokubulala uPackham," esho.

OLUNYE UDABA:Isihlabani okuthiwa simithisile sifuna kuhlolwe iDNA

Le ndoda kumanje igqunywe esitokisini.

"Umsolwa - igama lakhe elisagodliwe - uzovela eNkantolo yesiFunda yaseWyneberg ngoMsombuluko, lapho okulindeleke khona ukuba ifake isicelo sebheyili."

UPackman, 57, wanyamalala ngoLwesine olwedlule (Febhuwari 22), ngosuku okwatholwa ngalo imoto yohlobo lwe-BMW ishile esiteshini sesitimela. Isidumbu sakhe satholakala ebhuthini lemoto ngemuva kokubhulwa komlilo.

Lo wesifazane wayeya esikoleni iSpringfield, eWynberg, lapho ayesebenzela khona kodwa akazange esafika.

UPackham kwabikwa ukuthi udukile ngoLwesine ntambama ngemuva kokuba egcine ukubonakala ephuma ekhaya ekuseni ehamba ngemoto yakhe yohlob lwe-BMW, kuqinisekisa amaphoyisa.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.