I-EFF icela kufakwe i-NFP emaqenjini angenele ukhetho

2016-07-01 13:31

Johannesburg - I-Economic Freedom Fighters (EFF) isicele iNkantolo yezoKhetho ne-Independent Electoral Commission (IEC) ukuba yenzele iNational Freedom Party (NFP) umusa, bayivumele ingenele ukhetho lwango-Agasti.

I-IEC yavalela ngaphandle i-NFP ngenxa yokuthi yehluleka ukukhokha imali engango-R400 ngaphambi komhlaka 2 Juni.

Okhulumela i-EFF uMbuyiseni Ndlozi usegxeke indlela esetshenziswa yi-IEC ukufuna imali yesibambiso emaqenjini afuna ukungenela ukhetho.

Funda nalolu daba: Namanje akakangcwatshwa owawina i-lotto eKZN

“Sicela ukuba babhalise i-NFP ukuba ingenele ukhetho. Ukubavalela ngaphandle akukhona ukujezisa iqembu kuphela kodwa nelungelo labantu lokuvotela iqembu abalifunayo,” kusho uNdlozi.

Inkantolo kulindeleke ikhiphe isinqumo ngoLwesihlanu ngodaba lweNFP, kubika iSABC.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.