I-EFF ifuna uMvileli woMphakathi enze uphenyo ngoZuma noMahumapelo

2018-04-23 11:03

Johannesburg - I-Economic Freedom Fighters (EFF) ifuna uMvikeli woMphakathi aphenye uNdunankulu waseNorth West Premier uSupra Mahumapelo ngesipho sezinkomo ezingabiza u-R1.5m esanikezwa uJacob Zuma.

OKlebe ngeSonto bagcine bekuqinisekisile ukuthi uphenyo luyaqhubeka ngalolu daba.

Umbiko weSunday Times ucaphune umuntu okuqinisekisile ukuthi wahambisa isipho sezinkomo kuZuma.

"Bobabili uMahumapelo noZuma kumele baphenywe kanti futhi uma kutholakala ukuthi banecala akumele nje bagcine ngokukhokha imali, kumele babhekane namacala ngokuxhaphaza imali yoMbuso,” kusho okhulumela i-EFF uMbuyiseni Ndlozi.

OLUNYE UDABA: Bathi akayekwe phansi uZuma

"Akukwazi ukuthi uZuma angathi yena akazi ukuthi wahlomula kungafanele njengokuba enza nangesikhathi kuqiniswa ezokuphepha emzini wakhe oseNkandla.”

I-EFF iphinde yathi ifuna uSupra Mahumapelo ehle esikhundleni sokuba nguNdunankulu waseNorth West.

"UMahumapelo akehlulekanga nje kuphela wukushayela le nqola yokuhlinzeka abantu ngezidingo, kodwa uphinde waba yingxenye yenkohlakalo.”

ISouth African National Civic Organisation (Sanco) nayo izwakalise ukweseka uphenyo oluqhubekayo ngalolu daba.

Ithi kumele kutholakale nokuthi uZuma wabika yini ukuthi uthole isipho sezinkomo esiphuma kuhulumeni waseNorth West, futhi kumele bavulelwe icala uma kukhona okungalandelwanga.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.