I-EFF ikhathazekile ngabagaqele ukuba sebhodini le-NYDA

2017-01-25 10:00

Cape Town – I-EFF isizwakalise ukukhathazeka ngamava alabo abazokwenza inhlolokhono nabagaqele ukuba sebhodini leNational Youth Development Agency (NYDA).

Abahlanu kulaba abangu-14 abafakwe ohlwini olufinyeziwe bakuNational Executive Committee (NEC) ye-ANCYL, futhi abanye abanazo iziqu zasemabangeni aphezulu, uSotswebhu we-EFF, uFloyd Shivambu, utshele ikomidi lasePhalamende le-NYDA ngoLwesibili.

OLUNYE UDABA: Kumele ihlakazwe i-NYDA - Intsha ye-DA

UShivambu uthi i-EFF ayimenywanga emhlanganweni wongomhlaka-7 kuDisemba, nalapho kwafinyezwa khona uhlu lwalabo abagaqele izikhundla lwabekwa ku-14.

Uthi wayefuna ukuzwakalisa ukukhathazeka ekomidini ngaphambi kokuthi leli qembu liphonsele inselelo uhlelo lokufinyezwa kwabagaqele izikhundla.

I-EFF ithi yona ibingeke iluvume lolu hlu, njengoba belunabantu besilisa abangu-9 futhi alwakhi isithombe ngesibalo sabantu ezweni.

UShivambu uthi i-ANCYL akufanele isetshenziswe njengento yokunika umsebenzi labo abangasebenzi.

Kula malungu angu-5 e-NEC ye-ANCYL kubalwa noThembinkosi Josopu.

Zingu-7 izihlalo ezikhona kuleli bhodi.

I-EFF ithi ifuna kuphoqeleke ukuthi labo abagaqele izinkhundla babe neziqu zasemabangeni aphezulu. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.