I-EFF ikhumbuze iDA ukuthi ayizange inqobe ukhetho kuMasipala waseNM Bay

2017-08-25 09:34

Cape Town – I-Economic Freedom Fighters ngoLwesine ebusuku igxeke kabi iDemocratic Alliance ngokugudluza uMongameli Bobani we-United Democratic Movement kwesokuba yiPhini leMeya yaseNelson Mandela Bay.

Ukuziphatha kweDA kuzothikameza uhulumeni wokusebenzisana oholwa yile nhlangano eTshwane naseGoli lapho idinga khona ukweseka yi-EFF, kusho okhulumela i-EFF uMbuyiseni Ndlozi esitatimeneni.

"I-DA iziphatha sengathi yanqoba ukhetho eNelson Mandela ekubeni yehluleka. Futhi iyakhombisa ukuthi ayifuni ukwabelana ngamandla okuphatha; kumele yabelane ngamandla okuphatha ukuze ibuse.”

OLUNYE UDABA: Kuboshwe uthisha ngokushaya kanzima umshana,9

UNdlozi uthe i-EFF ngeke iphinde ivote ngokuhambisana neDA kuze kube ishintsha indlela ephatha ngayo amaqembu amancane.

Uthe ukuziphatha kwe-DA eNelson Mandela Bay kuyafana nalokho ekwenza kwezinye izindawo ezweni lonke, okubalwa kukhona nasePhalamende.

Uma amaqembu aphikisayo ehluleka ukugudluza i-African National Congress, abantu baseNingizimu Afrika kumele basole i-DA, kusho uNdlozi.

UBobani ukhishwe esikhundleni sokuba yiPhini leMeya ngemuva kwetovi lesiphakamiso sokungethenjwa kobuholi bakhe ngoLwesine.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.