I-EFF iqinisekise ukuthi isezingxoxweni ne-ANC

2016-08-16 10:00

Johannesburg – I-EFF ithi ayikaze ikhethe bala lamuntu njengoba isiveze ukuthi isezingxoxweni nawo wonke amaqembu ezombusazwe, ngisho i-ANC imbala, komasipala abathile.

Lokhu kuvezwe yilowo okhulumela leli qembu uMbuyiseni Ndlozi.

Utshele izintatheli ngaphambi komhlangano weqembu ngoMsombuluko ebusuku eBraamfontein ukuthi iqembu kukulona ukuthi likhetha ukusebenzisana nobani.

“Kumele kunicacele ukuthi i-EFF ngeke idayise ubuyona. Asidayisi.”

Ngaphambi kokhetho i-EFF yaveza ukuthi ayizimisele ngokusebenzisana noKhongolose, kepha manje uNdlozi uthi izinto sezishintshile.

OLUNYE UDABA: I-EFF izosebenzisana namaqembu amelene ne-ANC– Malema

Uphinde waveza ukuthi beyiqembu basezingxoxweni “neqembu lontamolukhulu”, okusolwa ukuthi ubhekise ku-DA.

I-EFF iveze ukuthi iqembu lizowamemezela ngoLwesithathu amaqembu elizosebenzisana nawo komasipala abasale belenga ngemuva kokhetho.

UNdlozi ube esenxusa abantu ukuba babe nokubekezela

“Yithi esiphethe ukhiye wasemakilasini esizofundisela kuwo abantu abaningi izifundo. I-EFF yiyo enezwi lokugcina kukhona konke lokhu.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.