I-EFF isongele uRamaphosa

2018-03-08 19:24

Johannesburg – Umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) uJulius Malema uxwayise uMengameli Cyril Ramaphosa ngokuthi kumele abhekane ngqo nalabo abadelela umthetho, wathi uma ehluleka, bazophoqeleka ukuba kube khona abakwenzayo.

UMalema ubekhuluma nabezindaba ekomkhulu le-EFF eBraamfontein ngoLwesine ntambama ngezinto ezahlukene.

Ucele uRamaphosa ukuba enze okuthize ngalabo abathinteka enkohlakalweni.

“Kuyacaca ukuthi uRamaphosa akazimisele ngokuhlanza uMbuso, akhuculule konke okuthinta abakwaGupta. Sivumile ukumnikeza ithuba lokuzibonakalisa ekulwisaneni nenkohlakalo kodwa ukushaya kwakhe ngolonwabu kuzokwenza ukuba ‘sivukwe ulaka’.”.

OLUNYE UDABA: UMalema ugxeke iphini lenhloko yamajaji

UMalema uphinde wathi uNgqongqoshe woMnyango wezaseKhaya uMalusi Gigaba kumele akhonjwe indlela.

I-EFF ithi uGigaba ungomunye wongqondongqondo be-state capture.

Ithi ukwenza kancane kukaRamaphosa kuzobenza bamphathe ngendlela ababenza ngayo kuJacob Zuma.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.