I-EFF ivulele ababili amacala angu-94 okubulala

2017-02-02 19:28

Johannesburg - Amalungu e-EFF esiShayamthetho esifundazweni saseGauteng ngoLwesine avulele undunankulu wesifundazwe nobengungqongqoshe wezempilo amacala angu-94 okubulala.

Ngemuva kosuku, uNdunankulu uDavid Makhura ememezele ngokushona kweziguli ezingu-94 eziphazamisekile ngokomgqondo ngemuva kokukhishwa esikhungweni esigunyaziwe iLife Esidimeni, zayobekwa ezikhungweni ezizimele ezingagunyaziwe ezingu-27, abaholi be-Economic Freedom Fighter bathe kufanele avule amacala.

OLUNYE UDABA: EZINGEMA MANJE: Usesulile uNgqongqoshe wezeMpilo - Umbiko

NgoLwesine ekuseni, iqembu belisesiteshini samaphoyisa maphakathi nedolobha iGoli lithi uMakhura nobenguNgqonqgoshe wezeMpilo uQedani Mahlangu, osule ngoLwesithathu esikhundleni sakhe bazibulale ngokungenhloso iziguli.

Esitatimendeni, i-EFF ithe amalungu esiShayamthetho eqembu azophinde avulele amacala izikhungu ezizimele ezingu-27 kanye nawo wonke umuntu othintekayo ekubulaweni kweziguli ezingu-94.

USolwazi obhekelele ezeMpilo, uMalegapuru Makgoba, owayalelwa ngungqongqoshe wezeMpilo u-Aaron Motsoaledi ukuba aphenye isigameko sokushona kwalezi ziguli, uthole ukuthi ezashona phakathi kukaMashi noDisemba 2016 zingu-80% iziguli.

 


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.