I-EFF izofakela ingcidezi uNdunankulu ukuze axoshe inhloko yoMnyango

2018-03-01 16:02

Johannesburg - I-Economic Freedom Fighters (EFF) eNorth West ithi izomfakela ingcindezi uNdunankulu Supra Mahumapelo yokuba axoshe iNhloko yoMnyango wezeMpilo uThabo Lekalakala.

Lokhu kulandela ukuvela kwezinsolo ezithi uMnyango wakhe wakhokhela inkampani "yabakwaGupta" imali engu-R30 million ingakawenzi nhlobo umsebenzi.

Inkampani, iMediosa, kuthiwa futhi yakhokhela nohambo lwakhe lwaseNdiya, nokuthiwa wayeyobona khona imitholampilo engomahambanendlwane.

I-EFF ibibhikisha ngaphandle kwaseMahikeng Provincial Hospital, eMahikeng.

OLUNYE UDABA: Wesulile ePhalamende okhishwe nguRamaphosa kwiKhabhinethi

Umholi we-EFF eNorth West uBetty Diale uthi uNdunankulu Mahumapelo bazomnikeza amasonto amabili ukuba aqinisekise ukuthi uLekalakala aphuma uyaphela esikhundleni sakhe.

“Ngeke siphumule. Simtshelile uNdunankulu nangoLwesithathu ukuthi iNhloko yoMnyango kumele iphume esikhundleni. Ngeke silinde uphenyo ngaphambi kokuba imiswe inhloko. Ubufakazi busobala.”

Khonamanjalo, uMahumapelo utshele abezindaba ngoLwesithathu ukuthi uhlelo lokumisa esikhundleni iNhloko yoMnyango luzoqala ngesonto elizayo.

- SABC

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.