I-EFF izomasha ngaphandle kwesonto kulandela izinsolo zokunukubeza ngokocansi

2018-02-03 15:54

Pretoria – I-Economic Freedom Fighters izomasha ngaphandle kweCity Mission Church kulandela izinsolo zokunukubeza ngokocansi.

Lokhu kulandela ukuthi abesifazane abathathu basukuma baya epulpiti kuqhubeka inkonzo eMethodist City Mission Church ngeSonto ngenhloso yokuzwakalisa ilaka labo ngezinsolo zokunukubeza ngokocansi.

Kule video eyasabalala ezinkundleni zokuxhumana, uPiwokazi Mntwelizwe, 20, ubonakala nodadewabo nomngani bephethe izingqwembe ngesikhathi kuqhubeka inkonzo. UMntwelizwe uthi lokhu bakwenza ngoba besola isikhulu sebandla ngokumnukubeza ngokocansi.

I-EFF yakuwadi 80 eTshwane ikhiphe isiphakamiso sokuthi izomasha ngokuthula ngaphandle kwaleli bandla ngeSonto.

OLUNYE UDABA: Udado usolwa 'ngokunukubeza ngokocansi' omunye enkulisa

“Le mashi yenzelwe ukutshengisa ukuzwelana nezisulu zokunukubezwa ngokocansi yilungu eliqavile lebandla," kusho uNobhala we-EFF kuwadi 80, uTumelo Phatladira.

"I-EFF iyakugxeka ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane futhi ngeke sikwamukele ukusatshiswa nokuhlaselwa kwabathile emiphakathini yethu," kusho uPhatladira.

Ekhuluma neNews24, uMntwelizwe uthe walubika lolu daba ezikhulwini zebandla kepha kwangathathwa zinyathelo.

UMntwelizwe uthi umsolwa wayenokukhuluma ngendlela enganambitheki ebhekise kuye. Lokhu uthi kwenzeka izikhawu ezintathu ezehlukene.

Ibandla liphawule lathi liyaphenya ngalesi sigameko.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.