I-EFF kayizamukeli izinguquko ezenziwe nguRamaphosa kwiKhabhinethi

2018-02-27 12:29

Johannesburg - I-Economic Freedom Fighters iveze ukuthi kayizamukeli izinguquko ezenziwe nguMengameli Cyril Ramaphosa kwiKhabhinethi, yathi kusabuyiswe ongqongqoshe abanenkohlakalo futhi abangaziphethe kahle.

Esitatimendeni, okhulumela i-EFF kuzwelonke uMbuyiseni Ndlozi uthe lezi zinguquko angeke zibasebenzele abantu baseNingizimu Afrika.

"Akekho umuntu, obeka eqhulwini izimfuno zabantu bakuleli kulesi sikhathi, ongabeka oMalusi Gigaba, Nomvula Mokonyane noBathabile Dlamini njengamalungu eKhabhinethi."

NgoMsombuluko ebusuku uRamaphosa umemezele izinguquko kwiKhabhinethi lakhe, okubalwa ukubuyiswa kukaNhlanhla Nene noPravin Gordhan, kanye nokufakwa kwabanye ongqongqoshe abasha.

OLUNYE UDABA: URamaphosa wenze izinguquko kwiKhabhinethi

UNdlozi uthe uRamaphosa, esikhundleni sokufaka amasondo lowo obenguNgqongqoshe wezeNhlalakahle, umkhuphulele kwesinye isikhundla.

"UBathabile Dlamini uklonyeliswe ngesikhundla esiphezulu yize ecishe wawubulala nya umnyango abewuphethe kanjalo nohlelo lokukhokhwa kwezibonelelo zikahulumeni.

"Kanjalo nokugcinwa kukaGigaba owenza amacala kolweState capture afana ncamashi nokuvukela uMbuso njengoba anikezela ngezinkampani zikahulumeni kubantu bokufika bakwaGupta."

UNdlozi uthi uGigaba waqamba amanga engaphansi kwesifungo senkantolo.

"URamaphosa uvumele ukukhothamela ingcindezi ekhona kwi-ANC, okusho ukuthi umele inhlangano esebenzisa amandla ayo ukudlala ngabantu," esho.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.