I-EFF kumele isigxeke isenzo sikaShivambu - Sanef

2018-03-20 19:32

Johannesburg - ISouth African National Editors’ Forum (Sanef) ithi i-Economic Freedom Fighters (EFF) kumele iphumele obala igxeke isenzo sikaFloyd Shivambu sokuhlasela intatheli.

Lokhu kulandela ukuthi kuputshuke i-video etshengisa uShivambu exhakathisa intatheli yakwaMedia24 u-Adrian de Kock emagcekeni ePhalamende.

UShivambu ube esekhipha isitatimende ngemuva kokugxekwa amaqembu ezombusazwe, wazwakalisa ukuzisola.

Uthe uyazisola futhi isigameko senzeke ngenxa yakhe wathi kodwa akazimisele ukukhuluma nabezindaba.

OweSanef uMahlatse Mahlase uthe: “Ngicabanga ukuthi izenzo yizo ezibaluleke kakhulu. Kulesi sigameko esibandakanya uFloyd Shivambu kubalulekile ukuthi sizwe i-EFF iphumela obala imgxeka."

OLUNYE UDABA: UShivambu uthi uyazisola ngesigameko esibandakanya intatheli

“Ngiyaxolisa kakhulu ngokuhilizisana nomuntu engithole ngokuhamba kwesikhathi ukuthi uyintatheli. Ngizombhalela i-email ngixolise ngalesi sigameko; ngoba ngikholelwa ekutheni bekungamele senzeke."

I-African National Congress, amanye amaqembu ezepolitiki kanye nezinhlangano zezindaba zisigxeke kakhulu isenzo sikaShivambu esihambisana nodlame.

ISanef ithe ilindele ukuthi iPhalamende lilwele amalungelo ezintatheli, hhayi ukuzihlukumeza.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.