I-EFF neDA bazoba namarali ePE mayelana nevoti lokugudluza iMeya

2018-03-28 09:30

ePE - Amaqembu ezepolitiki i-Economic Freedom Fighters (EFF) kanye neDemocratic Alliance (DA) ahlela ukuba namarali edolobheni lasePort Elizabeth.

Lokhu bakwenza njengoba kulungiselelwa ivoti lokungayethembi iMeya yaseNelson Mandela Bay u-Athol Trollip.

Umholi we-EFF uJulius Malema uzokwethula inkulumo yakhe kubalandeli bakhe ehholweni iNangoza Jebe Hall eNew Brighton ngoLwesithathu ntambama ngo-16:00.

OLUNYE UDABA: Ukuba ayikho i-EFF ngabe izwe alikho lapha - Malema

Ngakolunye uhlangothi, i-DA yona ihlela ukuhlanganeya eVuyisile Mini Square ngaphansi kwesiqubulo esithi #SaveNMB.

Ngaphambilini uMalema wathi i-EFF izoqinisekisa ukuthi uTrollip uyakhishwa kulesi sikhundla ukuze bafundise iDA isifundo ngoba nakhu ingazange ihambisane nevoti lokubuyiswa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo.

Kanti iDA yona isola uMalema ngokufuna ukudiliza uTrollip ngoba nakhu engumlungu.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.