I-Icasa iyalelwe ukuba iphenye ngezindaba ezingamanga

2017-02-01 11:30

Cape Town – IDA isicele i-Independent Communications Authority of South Africa (Icasa) ukuthi iphenye ngokwanda kwezigameko zezindaba ezingombombayi ezweni.

Leli qembu lizwakalise ukukhathazeka ngalo mkhuba ikakhulukazi ezindabeni ezisakazwayo, lisho kanjalo esitatimendeni ngoLwesibili.

OLUNYE UDABA: Ubufakazi bugxeka i-Icasa ngeziteshi zocansi

“Ngokudalulwa kwakamuva komkhankaso we-ANC, "ongumshushaphansi", okuhlanganisa ukusabalalisa izindaba ezingombhombayi ngamaqembu aphikisayo, okuhlanganisa ne-DA, ngenhloso yokuba nomthelela ohlelweni lezwe lokuvota, sidinga iziphathimandla ezifanele ukuba zenze umnyakazo ukuze zivikele isithunzi sabezindaba,” okhulumela i-DA, uPhumzile van Damme, usho kanjalo.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngesonto eledlule amaBhungane abike ngohlelo lwe-ANC olungumshoshaphansi nokuthiwa ladla u-R50m nolwaluhlose ukucekela phansi imikhankaso yamaqembu aphikisayo okuyi-EFF kanye ne-DA ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya lwangonyaka ka-2016.

“Ukwanda kwezindaba ezingombombayi – ukushicilelwa kanye nokusakazwa ngenhloso kwemibiko edukisayo kanye nemibiko echemile encike olwazini olungamanga ngenhloso yokuthuthukisa izinhloso zezepolitiki noma ezinye – kuyingozi kwintando yeningi yaseNingizimu Afrika futhi kudingwa ukuphenywa yi-Icasa,” kuqhuma uVan Damme.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.