I-IEC inxusa abantu ukuba babhalisele ukuvota

2018-03-10 11:21

Johannesburg - I-Independent Electoral Commission (IEC) isinxuse abantu baseNingizimu Afrika ukuba baphume ngobuningi babo bayobhalisela ukuvota ezikhungweni ezingasemakubo, njengoba kuqala umkhankaso wokubhalisa.

IPhini likaSihlalo wekhomishana yokhetho, uTerry Tselane, uthe amaqembu ezombusazwe kungumsebenzi wawo manje ukuqinisekisa ukuthi abantu babhalisela ukuvota njengoba kuza ukhetho lukazwelonke ngonyaka ozayo.

UTselane ubekhuluma nabezindaba eSoweto.

OLUNYE UDABA: Baningi abaseKZN abanamakheli angahlelekile - IEC

UMengameli Cyril Ramaphosa utheleke eHitekani Primary School, eSoweto, lapho eyobheka khona ukuthi ngabe konke kuhamba kahle na mayelana nemininingwane yakhe yokuvota, kwachwaza.

"Isikhulu sakwa-IEC singisize kakhulu ngaphakathi ekutheni siqinisekise imininingwane yami nokuthi ngabe ngineminyaka engaphezu kuka-18 yobudala," kusho uRamaphosa esephuma ngaphakathi esikhundweni sokuvota.

Uthe lokhu kuyena kufana nokubuyela ekhaya, ngoba wakhulela eSoweto.

Khonamanjalo, uTselane uthe i-IEC yenze konke okusemandleni ukulungiselela le mpelasonto, wathi manje okuningi sekusezandleni zamaqembu ezepolitiki ukuba anxenxe abantu ukuba bayobhalisa.

“Siqhube ukhankaso omkhulu ngenhloso yokufinyelela ebantwini abaningi. Kepha manje-ke konke kulele kumaqembu ezombusazwe ukuba akhankase abantu ekutheni babhalise."


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.