I-IFP idle umhlanganiso eNquthu

2017-05-25 11:13

Durban – Abakwa-IEC sebeqedile ukubala amavoti kuMasipala waseNquthu kanti iNkatha Freedom Party (IFP) iyona edle umhlanganiso kulolu khetho obelubhekwe ngamehlo abomvu.

Lolu khetho luza ngemuva kokuthi lo masipala ungabi neqembu elidle umhlanganiso ngokhetho olwedlule, amaqembu ahluleka ukusebenzisana.

I-IFP yawina izihlalo ezingu-15, i-ANC yawina 14, i-NFP yawina ezimbili kwathi i-DA kanye ne-EFF zathola isihlalo esisodwa iqembu ngalinye.

Amaqembu akhetha ukusebenza ngokubambisana nokuyinto eyenza kwabanzima ukuba neqembu elibusayo kulo masipala.

UNgqongqoshe wezekuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu, uNomusa Duba, wabuhlakaza ubuholi balo masipala kwadingeka ukuba kuqalwe phansi uhlelo lonke.

Kulokhu, kubhekwe izihlalo kumawadi angu-16 kanye nezihlalo ezingu-16 zamakhansela angama-PR.

“Abantu baseNquthu sebekhulumile. Imiphumela yokhetho yiyo etshengisa ukuthi bafunani,” kusho isikhulu se-IEC uTerry Tselane.

Uthe bajabule ngendlela amaqembu ezepolitiki aziphathe ngayo ngesikhathi kuqhubeka lolu khetho.

Abengu-14 amaqembu abengenele lolu khetho lokuchibiyela.

 I-IFP inqobe amawadi angu-14 kwangu-17, i-ANC yathola amathathu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.