Umtshezi – Abantu abagqoke izikibha ze-ANC kusolwa ukuthi babulala amalungu amabili eqembu lezepolitiki Inkantha Freedom Party eMtshezi ngoMgqibelo kusho iqembu esitatimendeni.
OLUNYE UDABA: Kubulawe amalungu eNFP eKZN
USihlalo we-IFP uBlessed Gwala uthe iqembu labizela amaphoyisa iSAPS ukuba liphenye ngesigameko sokubulawa kukaSiyanda Mnguni noThokozani Majola ababekhankasela iqembu.
"Sicela ukuba amaphoyisa aphenye isigameko ngokusheshsa ukuze kuzobohswa izigilamkhuba, kwenziwe isibonelo ngazo kulabo abamelene nabo," kusho uGwala.
Iqembu linxuse amalungu ukuba lizinze liyekelele amaphoyisa enze umsebenzi wawo, aphenye.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba
ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter