I-IFP ithi akaxoshwe ngokushesha uNgqongqoshe wezeMpilo eKZN

2017-06-23 19:32

Durban - INkatha Freedom Party (IFP) isinxuse ukuba ibhantshi ligcwale umoya ngokushesha kuNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongiseni Dhlomo.

“Kuphakathi kokuthi abantu baKwaZulu-Natal noma uDkt [Sibongiseni] Dhlomo. Sesizwakalise ukukhathazeka okuningi esikhathini esingaphambilini mayelana nesimo esibi sosizo olunikezelwa ezibhedlela zesifundazwe kodwa [uNgqongqoshe] ushaya indiva futhi izikhalo zethu ziwela emehlweni angaboni,” okhulumela i-IFP, UNcamisile Nkwanyana, usho kanjalo ngoLwesihlanu.

NgoLwesine uDhlomo uchazile esishayamthetho sesifundazwe ukuthi kungani bengekho odokotela abangochwepheshe besifo somdlavuza eMnyangweni wezeMpilo esifundazweni.

OLUNYE UDABA: BUKA: ‘Uphume ngesamagundwane’ uNgqongqoshe umphakathi ufuna ukumudla luhlaza

Ubephendula nombiko weSouth African Human Rights Commission nothole ukuthi uMnyango uhluleke wancama ukunakekela iziguli zakulesi sifundazwe eziphethwe umdlavuza.

UNdunankulu uWillies Mchunu uthi akaboni ukuthi kungani uDhlomo kumele axoshwe.

Kodwa-ke uNkwanyana uthi ubuholi be-African National Congress esifundazweni kumele “benze isinqumo esinzima” phakathi kokuthi ibeke umphakathi noma uDhlomo phambili.

Uthi uDhlomo uhluleke wancama ukukhombisa ubuholi kulo Mnyango. Uthi inqwaba yezibhedlela eKZN “zisesimweni esinzima sokudinga ukulungiswa nokuholela ekuphulweni kwamalungelo omphakathi okunakekelwa kwezempilo.

“Njenge-IFP, sibona ukuthi uNgqongqoshe kumele aphendule ngokwakhe uma kuba nesiguli esishonayo ngenxa yesimo esingesihle ezibhedlela nesiholele ekungagcinweni esimweni esifanele kwezinsiza kanye nengqalasizinda,” uNkwanyana usho kanjalo. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.