I-IFP ixoshe iMeya nesekela layo abebesolwa ngenkohlakalo eMtuba

2017-11-29 12:31

eThekwini - Kujabule abasebenzi abebekhathazekile ngesikhathi kuxoshwa iMeya yaseMtubatuba, uQhina Mkhwanazi.

Laba basebenzi batshele iphephandaba uDaily Sun ukuthi ubuholi bale Meya kulo masipala buvele bacwila ezikweletini.

UMkhwanazi kanye nesekela lakhe uMandlenkosi Gumede badilizwe ezikhundleni yiqembu i-IFP ngoMsombuluko lapho bekubanjwe khona umhlangano okhethekile.

UMkhwanazi uzoqhubeka nokuba yikhansela kanye nelungu lesigungu esiphezulu kulo masipala kanti uGumede yena usethuthelwe kuMasipala waseMkhanyakude.

OLUNYE UDABA:"I-IFP iyinqobile iNkandla ngokungazenzi izithembisoengeke ikwazi ukuzifeza"

Ukuxoshwa kwabo kulandela izikhalazo zabasebenzi abateleka ngaphandle kwamahhovisi alo masipala bekhala ngenkohlakalo kaMkhwanazi.

UNkosinathi Mthiyane obekhulumela abasebenzi utshele leli phephandaba ukuthi balincoma kakhulu leli qembu ngokulusukumela ngokushesha lolu daba.

"Lo Meya ubesehlale isikhathi eside kulesi sikhundla futhi usewulimaze kakhulu lo masipala waphinde wawucekela phansi," kusho uMthiyane.

UMfanje Mbango okhulumela i-IFP uthe leli qembu aliphoqwanga yisiteleka sabasebenzi, kodwa zikhona ezinye izizathu yize engafunanga ukwenaba ngazo.

"UMeya omusha uzomenyezelwa kungekudala," kusho yena.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.