I-IPID igasele emzini kaKhomishana wamaPhoyisa obambile

2017-01-19 16:02

Pretoria – Uhlaka olubhekekele ukuziphatha kwamaphoyisa, i-Independent Police Investigative Directorate (IPID), lutheleke kwancane indawo emzini kaKhomishana wamaPhoyisa osabambile, uGeneral Khomotso Phahlane, osendaweni yomacaphuna kusale, iSable Hills Waterfront Estate, enyakatho nePitoli, ngoLwesine.

OLUNYE UDABA: BUKA: Isikhulu samaphoyisa silwa nezigebengu zihlome ngezibhamu

I-IPID yathola isitatimende kuPhahlane mayelana necala lokuphazamisa ingalo yomthetho. Kusolwa ukuthi uPhahlane watshela umphathi wakule ndawo yomtakabani ukuthi angazihluphi ngokubambisana nophenyo lwe-IPID.

I-IPID iphinde iphenye uPhahlane ngezinsolo zenkohlakalo.

NgoNovemba wangonyaka owedlule, iNews24 yabika ukuthi i-IPID iphenya uPhahlane ngecala lokuphazamisa ingalo yomthetho.

Lokhu kumayelana nophenyo lwe-IPID mayelana nendlu eyakhiwa yilo mkhuzi wamaphoyisa endaweni yabadla izabambane likapondo.

Ngaphezu kwalokho i-IPID ibilokhu iphenya ofakazi ukuze kutholakale ukuthi uPhahlane, nobelokhu eyiphoyisa, ukwaze kanjani ukwakha lesi sithabathaba somuzi okuthiwa ulinganiselwa ku-8 million wamarandi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.