I-Iron Duke nendesheni kuMotaung ngoKhuzwayo

2017-11-09 16:00

Durban - USihlalo we-Orlando Pirates u-Irvin "Iron Duke" Khoza uhlela ukushaya indesheni kuSihlalo weKaizer Chiefs uKaizer Motaung amdedelele umdlali okuvela ukuthi akasakuthandi ukugijima kule kilabhu ezize eNaturena.

ILANGA lithole ngomthombo walo ukuthi uKhoza ukhathazekile ngokubheda konozinti bekilabhu yakhe. Inkinga kade yaqala njengoba eze waphoqeleka ukudedela uBrighton Mhlongo osekwiChippa United.

Ulande uWayne Sandilanda obevimbela iMamelodi Sundowns naye ukhombisa ukuba namaphutha kanti vele neminyaka yobudala isihambile njengoba ingu-34.

Leli phephandaba lithole ngemithombo yalo ukuthi uKhoza uhlela ukushaya indesheni kuMotaung ukuba amdedelele uBrilliant Khuzwayo okuvela ukuthi akaseneme ngokukhuhla ibhentshi.

OLUNYE UDABA: Ngabe unozinti weChiefs uyayishiya le kilabhu?

Lo mdlali usanda kubhala enkundleni yakhe yokuxhumana iTwitter umbhalo obukeke ukubeka ngokusobala ukuthi akajabule ngokukhuhla ibhentshi.

Lo mthombo uthe: "UKhoza noMotaung banokuhloniphana okuseqophelweni eliphezulu ngodaba oluthinta abadlali abafuna ukuwelela emakilabhini abo abakwazi nangengozi ukudlana izithende.

"UKhoza uhlela ukukhuluma noMotaung ukuba amdedelele uKhuzwayo ngoba uyabona ukuthi kunenkinga emapalini kanti uSandilands abemthembile ukuthi uzoxazulula izinkinga kwayena ubukeka enamaphutha.

"Ukholwa wukuthi iChiefs izomdedelela ngoba inekhono lokukhiqiza onozinti abaseqophelweni eliphezulu," kusho umthombo.

Imizamo yokuthola uKhoza ukuba aphawule ngalolu daba iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.