I-KV Oostende isimkhululile u-Andile Jali

2018-04-20 17:59

Ikilabhu yaseBelgium i-KV Oostende isiqinisekisile ukuthi iyahlukana inhloko nesixhanti phakathi kwayo nomdlali wasesiswini odabuka eNingizimu Afrika, u-Andile Jali.

UJali ukhululwe ingakapheli inkontileka yakhe obekumele iphelelwe yisikhathi ngoJuni ukuze abuyele kwelakubo, lapho okulindeleke ukuthi asayiniswe ngelinye lamaqembu amakhulu adlala kwi-PSL, kubika iKickOff.com.

Lo mdlali, 28, usedlale imidlalo eyevile ekhulwini kwi-Oostende, okuyikilabhu ayijoyina esuka kwi-Orlando Pirates ngoJanuwari 2014.

Le kilabhu igcine imemezelile ukuthi iyamkhulula lo mdlali owake wagijima kwi-University of Pretoria, ngaphambi kokumfisela okuhle kodwa ngekusasa lakhe.

OLUNYE UDABA: ISundowns ihamba phambili kumakilabhu agaqele uJali

"Inkontileka phakathi kwe-KVO no-Andile Jali izodatshulwa ngokuvumelana. UJali uzoshiya ngokushesha abhekise amabombo eNingizimu Afrika," kufundeka isitatimende esikhishwe yikilabhu ngoLwesihlanu.

"Sithanda ukubonga u-Andile ngeminyaka emine nesigamu ayihlale ne-KVO futhi simfisela okumhlophe!"

UJali uyamaniswa namaqembu amathathu amakhulu kuleli, okubalwa iMamelodi Sundowns, iKaizer Chiefs nePirates.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.