'I-KZN zimisele ngokubamba ukhetho olukhululekile nolungenadlame'

2016-07-08 20:31

Durban - IKwaZulu-Natal izotshengisa ukuthi seyadlula esikhathini sodlame ngokuthi ibambe ukhetho olukhululekile nolungenakwenzelela ngomhlaka-3 Agasti.

Lawa ngamazwi kaNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi esifundazweni uMxolisi Kaunda ngoLwesihlanu.

"Seluwumlando udlame lweminyaka yango-1980 no-1990. Satshengisa ukuthi sizimisele ngokuthula ngokhetho luka-2011, kanti sizokuphinda futhi lokho.”

OLUNYE UDABA: I-EFF icela kufakwe i-NFP emaqenjini angenele ukhetho

UKaunda ubekhuluma emhlanganweni wamakomidi amaqembu ehlukene abezibophezela ngokuthi kube nokhetho olunokuthula.

"Uhulumeni ususebenze kanzima ukuqeda udlame, sekusele kancane luphele udlame lwezepolitiki esifundazweni sethu,” esho.

"Ngithanda ukubonga leli komidi ngomsebenzi oncnomekayo eliwenzayo ngoba ukusungulwa kwalo kwenze ukuthi sizinze isimo.”

Angu-870 amawadi azobe ebangwa KwaZulu-Natal okhethweni lwezindawo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.