I-Law Society ifuna kudedelwe abakuleli ababoshwe eTanzania

2017-10-24 14:04

Johannesburg – I-Law Society of South Africa inxusa iziphathimandla zaseTanzania ukuba zikhulule abantu ababili baseNingizimu Afrika ababoshwe kuleliya lizwe.

Abantu ababili baseNingizimu Afrika baboshwe kanye nabanye okuthiwa bagqugquzela ubutabane kuleliya lizwe.

Izishoshovu ezingu-13 kanye nabameli baboshwe ngasekuqaleni kwenyanga besemkhankansweni wokuphoqa uhulumeni waseTanzania ukuba ahlinzeke izakhamuzi ngezikhungo zezempilo.

Laba baboshwa kodwa namanje bebengakathweswa amacala ngokusemthethweni.

OLUNYE UDABA: I-NPA ayikakulungeli ukushushisa osolwa ngokunukubeza ngokocansi

UWalid Brown weLaw Society uthi ukuboshwa kwalaba kuhloswe ngakho ukubahlukumeza nje kuphela.

“UMthethosisekelo waseTanzania uvumela izakhamuzi ukuba zifune usizo lwezomthetho uma zibona ukuthi amalungelo azo awahlonishwa.

“Iziphathimandla zishaya indiva uMthethosisekelo wazo ngokunqabela abasolwa ukuthola abameli abazophikisana nohulumeni kulolu daba.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.