I-MKMVA iyaziqhelelanisa nokwenzeke ngaphandle komuzi kaMadikizela-Mandela

2018-04-09 07:33

Umkhonto we Sizwe Military Veterans Association (MKMVA) usuziqhelelanisile nemibiko ethi amalungu awo aqhumise izibhamu ngaphandle komuzi weqhawekazi lomzabalazo elingasekho, uWinnie Madikizela-Mandela.

"Sinxusa wonke amalungu ethu ukuba aziqhelelanise nezenzo ezinjalo aphinde abike labo abaziphatha ngale ndlela engamukelekile,” kusho okhulumela i-MKMVA kuzwelonke uCarl Niehaus ngeSonto. 

Amaphoyisa athe ayaphenya ngalesi sigameko okukholakala ukuthi senzeke ngaphandle komuzi kaMadikizela-Mandela ngoLwesihlanu ebusuku.

Kuthe ngoMgqibelo ekuseni, kwabonakala isibalo esiphezulu samaphoyisa kuleya ndawo.

"Njenge-MKMVA uMama Winnie simthatha njengomunye wethu. Ukuziphatha okunjalo ngeke sikugqugquzele.

“Ayamukelekile eyokudubula emoyeni, ikakhulukazi ezindaweni ezihlala abantu, okubeka izimpilo zabo engcupheni.

“Ukuziphatha okunjalo akuhambisani nomzabalazo wethu, kanti futhi i-MKMVA iyaziqhelelanisa nakho,” kusho uNiehaus. 

UNiehaus uthe bayalweseka uphenyo lwamaphoyisa futhi labo abathintekayo kumele baboshwe.

NgoMgqibelo ebusuku, uNgqongqshe wamaPhoyisa uBheki Cele uthe ukuqhuma kwezibhamu kwenzeke endaweni eqhele ngamakhilomitha amabili ukusuka emzini kaMadikizela-Mandela.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.