'I-MMM izovalelwa ukunothisa iningi'

2016-02-22 18:31

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Durban - Njengengqapheli ezigcobile ngihlale njalo ngibheka indlela izinto ezihamba ngayo la emhlabeni ngibuke ukuthi kudlalwa ngathi ngoba sihlupheka.

Ngithukuthele ngithelwa ngamanzi nje yingoba kade ngivakashelwe ingcithabuchopho kwezokuphathwa kwezimali evela kwaOld Mutual.

Lengcitha-buchopho ingithe fahla-fahla ngezindlela ezikhona zokonga imali nezokwenza inzalo.

Engikufundile ukuthi imali ikhuliswa kalula kodwa ngobuhlakani nobuchwepheshe ngokuyilumbanisa nezinye izimali zomhlaba ezimakethe. Loko ukwenza uhleli ekhaya lakho ngosizo lwe-computer ne-internet qha.

Ngenkathi le ngcithabuchopho ichaza ngezindlela zokukhulisa inzalo yemali ichaze into efana nse nalezinto ezibizwa ngama-pyramid schemes nokudume uMMM kulezinsuku okuyiwo osakhonya.

Umehluko munye ukuthi inzalo yabo iphansi kanti ekaMMM iphezulu kakhulu.

Lezinto ezinjengoMMM zihlale zivela, sitshelwe ukuthi zizovalwa. Satshelwa kanje ngoTVI SA nawo owavalwa kwacwila izimali zabantu. Nalo-MMM uzulelwa amanqe, uzovalwa nawo kucwile izimali zabantu.

Kodwa asivamile ukutshelwa ukuthi lezinto zivalwa ubani mhla zivalwa?

Funda nalolu daba: 'Sifisa sengathi angalulama maduze'

Yithi nginitshele ngoba anazi, zivalwa uhulumeni (Liquidators) ngezinkantolo ngokubambisana namabhange ngelithi azikho emthethweni, kanti cha zivalelwa ukuthi zinothisa abantu.

Pho kunani uma abantu bezinothisa ngandlela thizeni ngoba nemisebenzi ayikho? Mhla abantu baceba bonke uhulumeni ngeke abe nasidingo futhi akuyoba bikho manga abazosinxenxa ngawo ukuba sivote ngoba siyobe singasahlupheki.

Uhulumeni akafuni abantu bazakhele umnotho ngokwabo!

Uma wonga imali yakho, yibhange elikutshelayo ukuthi uzothola inzuzo yamalini, okungakaze ngizwe kuthiwa ingaphezu kuka-10%. Bese kuthi uma uboleka imali ebhange yilona elikutshelayo futhi ukuthi inzalo izoba ngakanani, nokungakaze ngizwe ukuthi iba ngaphansi kuka10%. Ngobani?

Kanti ubani umnikazi wemali? Yini ibhange lisike la lithanda khona ngenzalo efanayo ehluka ukuthi kumele iye ngakubani?

Vede ke lemali akuyona eyethu kepha eyabelungu nakhu kade ngizwa izolo kuthiwa kunebhanoyi eliduve eZimbabwe nezindodla zemali yakuleli ebiyothengwa eGermany…sithenga imali eGermany? Angizwa? Salani kahle, yimi owenu, nali ikheli ngezansi!

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi ezishicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.