I-Natu ikhala ngokunikezwa amandla komphakathi ukuba uxoshe othisha

2017-03-11 11:00

Durban - Ihlaba eyokunikwa kwamalunga omphakathi amandla okuxosha othisha ezikoleni iNational Teachers' Union (Natu) kwazise ithi umphakathi usetshenziswa ngabathile abafuna ukufeza izinhloso zabo. 

Lokhu kuvezwe nguMnu Allen Thompson oyisekela likamengameli wale nyunyana emuva kokutholakala kokuthi othisha abathathu baseSilindele Junior Primary School KwaNyuswa, entshonalanga yeTheku abaxoshwe wumphakathi mhla zingama-30 kuMasingana (January) kulesi sikole - ngoba kuthiwa badonsa izinyawo ekufundiseni - sebefake izicelo zokuba ngamalunga eNatu, bashiya iSouth African Democratic Teachers' Union (Sadtu) okuthiwa ilushaya udaba lwabo.

Labo thisha okunguNkk Zanele Cele, uNkz Thandeka Mkhwanazi noNkk Khanyi Makhanya udaba lokukhishwa kwabo ngesidlozana wumphakathi esikoleni kalukaze lulungiswe njengoba besavuka ekuseni beyoqhinqa esekethe selokhu bexoshile.

UNkk Cele utshele ILANGA ukuthi sebenqume ukujoyina iNatu ngenxa yokuthi izikhulu zomnyango zisaba ukubhekana nothishanhloko, uMnu Muntukayise Gumede, okuthiwa uyilunga eliqavile leSadtu.

"Sibonile ukuthi ukuze luzwakale udaba lwethu kumele sishiye phansi lo mndeni ongalungile sithole umndeni omusha ozokwazi ukulwela izisebenzi. Abahloli bonke bayiSadtu, bayalazi iqiniso ngothishanhloko nezinto eziningi ezingalungile azenzayo. Inkinga ngeke bamenze lutho ngoba uyindodana yabo abahloli abayithanda kakhulu," kusho uNkk Cele.

UMnu Thompson uthi iNatu kayihambisani nokunyathelwa kwamalungelo ezisebenzi yingakho lolu daba izolusukumela uma sekuphothulwe zonke izimfanelo zakhona.

Uthi kuyashaqisa ukuthi kungani umnyango ungamubekanga amacala uthishanhloko wakulesi sikole njengoba elahlwe ngelokushaya uthisha esikoleni phambi kwabafundi ngowezi-2015.

"Kuyasithusa ukuthi kungani umnyango uhleli phezu kodaba olukhulu kangaka oluhamba luze luthinte nenkohlakalo ngokuluzwa kwethu. INatu kayikholwa ukuthi kungaba khona abazali abaxosha othisha bese izingane zisala zingafundiswa. Sizolulandela lolu daba uma sesithole kahle konke esikudingayo," kusho uMnu Thompson.

ILANGA selibika okwesithathu ngodaba lwalabo thisha njengoba kuvele ukuthi mhla zingama-30 kuMasingana kugasele abazali kulesi sikole beyoxosha labo thisha.

Kuvele nokuthi bekukhona nabazali abangenazo izingane ezifunda kulesi sikole, abanye kabaziwa endaweni. Kusolwa uthishanhloko ngokuthi nguyena ohlohle abazali wabatshela ukuthi akanelisekile ngalabo thisha. Kuvela ukuthi kunezimpi ezindala ezikhona phakathi kukaMnu Gumede nalabo thisha.

Othisha batshele ILANGA ukuthi uMnu Gumede ushaye uNkk Makhanya ngowezi-2015 phambi kwabafundi ekilasini likaNkk Cele kade kubangwa ukuthi uyisuseleni i-time table endala odongeni.

Lesi sigameko kuthiwa sishiye izingane ziphazamisekile, zisaba - zibona uthisha eshaywa. Emuva kwalokho icala lingenile enkantolo lamlahla uMnu Gumede wahlawula ngo-R3 000. NeSouth African Council of Educators (Sace) imthole enecala nakhona wahlawuliswa.

Kuvela ukuthi emuva kwalokho uMnu Gumede uthenge imvubu abehamba eviliyela ngayo emagcekeni esikole ethi kuboshwe imali hhayi yena. UNkk Cele yena kuthiwa ufela ukuthi ubengufakazi enkantolo ecaleni lokuthi uMnu Gumede ushaye uNkk Makhanya. 

Induna yendawo, uMnu Musa Mahlase, ithi udaba selusenkantolo yesizwe basafuna laba okuthiwa baxoshe othisha esikoleni kanti uMnu Kwazi Mthethwa okhulumela uNgqonqgoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthi basalusebenza lolu daba.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.