I-NFP iphika olwezingxoxo zokuba abalandeli bavotele i-ANC

2016-07-28 11:30

Durban - Iqembu le-NFP liyakuphika ukuthi okushiwo yi-ANC KwaZulu-Natal ukuthi isezingxoxweni ngokuba abalandeli be-NFP bavotele i-ANC okhethweni oluzayo.

I-NFP  ayivumelekile ukungenela ukhetho ngemuva kokwehluleka ukukhokha ngesikhathi esifanele imali yesibambiso engu-R490 000, kubika iSABC.

Usihlalo we-NFP esifundazweni, uVikizitha Mlotshwa, unxuse amalungu eqembu lakhe ukuba alinde isinqumo senkantolo yezokhetho esizokhishwa ngoLwesihlanu.

Funda nalolu daba: Ziphinde zabuyiselwa emakhaya izingane zesikole saseThekwini

UMlotshwa uthi, "Esikushoyo njenge-NFP, azikho izingxoxoxo eziqhubekayo phakathi kwe-ANC ne-NFP noma elinye iqembu. Sithi kubalandeli bethu namalungu e-NFP lokhu kuhloswe ngakho ukudukisa."

"Kumele balinde ubuholi be-NFP bubanikeze umkhombandlela njengoba kusalindwe isinqumo senkantolo,” kusho uMlotshwa.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.