I-NFP ithi iyabeseka abathi uZuma akahambe

2018-02-07 12:30

eThekwini - Iqembu iNational Freedom Party isijoyine amanye amaqembu aphikisayo aphakamisa elokuthi uMengameli uJacob Zuma ashenxe esikhundleni.

Leli qembu lithi sekukaningi uMengameli Zuma enqaba ukuzisulela ngokwakhe esikhundleni sokuba wumengameli wezwe.

I-NFP isiyalele wonke amalungu ayo asePhalamende ukuba athathe izinyathelo ezivimbela uZuma ukuba alibhade ePhalamende.

Leli qembu lithi kucacile ukuthi uMengameli omusha we-ANC uCyril Ramaphosa uyesaba uthuthatha isinqumo sokuxosha uZuma ngokuthula ukuze kubuye uzinzo kuleli lizwe.

OLUNYE UDABA: UZuma utshelwe ukuthi uma engazehleli ngokwakhe uzoxoshwa - Umbiko

"Ukuba manqikanqika kukaRamaphosa ekuthatheni lesi sinqumo kusenza nathi seseke isiphakamiso sokuthi uZuma akahambe futhi siyaseseka isiphakamiso sevoti lokungamethembi uMengameli," kusho uSabelo Sigudu oyiNhloko yezokuXhumana kwi-NFP.

USigudu uthi uThabo Mbeki akazange adale izinkinga ezinjengalezi ngesikhathi ehlulwa kwinkomfa, wasula esikhundleni sakhe ngaphandle kokuphoqwa, "kungani uZuma esaba ukushiya lesi sikhundla ngokuthula"?

Uthe i-NFP ikholelwa wukuthi uZuma kumele ahloniphe imigudu ye-ANC yokujutshwa kwamaqabane, kungenjalo akhishwe ngendluzula.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.