I-NPA ayikakulungeli ukushushisa osolwa ngokunukubeza ngokocansi

2017-10-24 11:00

Johannesburg - INational Prosecuting Authority (NPA) ithe ngoMsombuluko ayikakulungeli ukushushisa umshayeli webhasi lezingane zesikole oneminyaka engu-44 ubudala osolwa ngokunukubeza ngokocansi intombazanyana, ekuqaleni kwale nyanga.

"Ngokwemininingwane esiyitholile, akubonakali sengathi kunobufakazi obanele kuleli cala, yingakho simanqika ukushushisa kulesi sigaba."

OLUNYE UDABA:Ubufakazi obusha ecaleni likathisha waseNquthu

UMnyango wezeMfundo eGauteng ngeSonto esitatimendeni uthe kusolwa ukuthi umshayeli webhasi wanukubeza ngokocansi intombazane eneminyaka engu-13 ubudala, ngomhlaka-13 nangomhlaka-16 Okthoba nonyaka.

"UMbuso ucele amaphoyisa ukuba enze olunye uphenyo ngemuva kokubikelwa ngokuthi kungenzeka ukuthi kunabanye abafundi abane abazobhala izitatimende ngomsolwa."

Ngenxa yokuntula kobufakazi okwamanje, umshayeli webhasi uzodedelwa, kusho isitatimende.

Lesi sigameko senzeka nje, kusanda kuvela izinsolo ezithi unogada wasesikoleni samabanga aphansi esiseSoweto wanukubeza ngokocansi izingane ezingaphezu kuka-80 kulesi sikole asebenza kuso.

 - African News Agency

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.