I-NPA iluyisa eNkantolo yoMthethosisekelo olwama-Spy Tapes

2016-07-15 20:31

Johannesburg - INational Prosecuting Authority ithi izofaka isicelo sokuguqula isinqumo seNkantolo eNkulu yasePitoli sokuthi uMengameli Jacob Zuma kumele aphinde abhekane namacala abekwa wona.

Okhulumela i-NPA uBulelwa Makeke utshele iNews24 ukuthi ingqikithi yalesi sicelo ukuthi iNational Director of Public Prosecutions uShaun Abrahams athole ukucaciseleka ngamandla anawo ngalolu daba.

"Kunezinto ezithinta uMthethosisekelo okumele zicaciswe, ikakhulukazi amandla omqondisi wezokushushiswa komphakathi,” kusho uMakeke.

OLUNYE UDABA: I-NPA izophikisa isinqumo senkantolo ngama-Spy Tapes

Ngo-Ephreli 29, amajaji eNkantolo eNkulu yasePitoli anquma ukuthi uZuma kumele abhekane nawo wonke amacala enkohlakalo angu-783 ayebekwe wona.

Ngemuva kwempi yeminyaka eyisikhombisa yeDemocratic Alliance, inkantolo yanquma ukuthi isinqumo sokungaqhubeki namacala ayebekwe umengameli, siyahoxiswa.

Ngo-2009, owayeyinhloko ye-NPA uMokotedi Mpshe wathi izingcoxo zocingo eziqoshiwe phakathi kukalowo owayeyisikhulu soFezela uLeonard McCarthy nowayeyisikhulu se-NPA uBulelani Ngcuka, zatshengisa ugcobho wezepolitiki ngesikhathi uZuma ebekwa la macala.

La macala abe eseyahoxiswa enkantolo eseThekwini.

Kusezandleni ze-NPA ke ukuthi iyamshushisa noma cha uZuma.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.