I-NPA ishayele ihlombe isigwebo esinikwe umdlwenguli

2018-03-16 16:00

Johannesburg - INkantolo eNkulu eBloemfontein imgwebe odilikajele owaseDenmark, uPeter Frederiksen, owatholakala nezitho zangasese zabesifazane kwi-freezer emzini wakhe ngo-2015.

INational Prosecuting Authority (NPA) esifundazweni iFree State isamukele isigwebo esinikezwe uFrederiksen ngecala lokudlwengula ingane nangetulo lokubulala umkakhe.

Le ndoda eneminyaka engu-65 ubudala, eyayidayisa izibhamu, iphinde yalahlwa yicala ngokukhiqiza, nokusabalalisa izithombe zocansi olwenziwa yizingane nangokwephula i-Immigration Act.

Okhulumela i-NPA esifundazweni, uPhaladi Shuping, uthi bagculisekile ngesigwebo esinikezwe umsolwa.

OLUNYE UDABA: Uyelulama unkosikazi kamengameli ngemuva kokuhlinzwa

UFrederiksen waphinde watholakala nezincwadi zokungena kuleli ezingumbombayi.

Ngesikhathi ehlisa isigwebo, uMehluleli Johann Daffue uthe le ndoda ayikhombisanga ukuzisola.

UDaffue uthe akaze phambilini anyanye ngendlela okwenzeke ngayo ebona i-video kaFrederiksen edlwengula ingane.

UDaffue uthe umsolwa wayezithandela ngokweqile izitho zangasese zabantu besifazane.

- SABC

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.