I-NPA isinqume ukushushisa uDuduzane Zuma ngelokubulala ngokungenhloso

2018-04-19 19:30

INational Prosecuting Authority (NPA) isinqume ukuthi izomshushisa lowo oyindodana kalowo obengumengameli uJacob Zuma, uDududzane, ngecala lokubulala ngokungenhloso.

UDuduzane wanikezwa umnqamulajuqu wezinyanga ezimbili wokwenza izethulo zokuthi kungani kungamele ashushiswe.

Leli cala limayelana nengozi eyenzeka ku-M1 Highway ngo-2014 lapho imoto yohlobo lwePorsche kaDuduzane yashayisana khona netekisi, kwaphetha ngokuthi kushone uPhumzile Dube.

OLUNYE UDABA: Indodana kaZuma ithi ayizisoli ngokuzwana nabakwaGupta

Ngonyaka owedlule, inhloko yezokushushisa kwi-AfriForum u-Advocate Gerrie Nel wafaka isicelo sokungashushisi emele umndeni wakwaDube, ukuze bezokwenza ngasese lokho.

Okhulumela i-NPA, uLuvuyo Mfaku, uthe uDuduzane akahlangabezananga nomnqamulajuqu wezethulo abewubekelwe.

“Ubenikezwe kuze kube nguMashi 2018 kanti kazikho izethulo esazithola, ngakho umqondisi wezokushushisa usenqume ukuthi kumele ashushiswe."


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.