I-NPA ngeke imshushise uPhahlane - Umbiko

2017-11-07 14:01

Pretoria – INational Prosecuting Authority (NPA) ngokusho kwe-Eyewitness News isikuqinisekisile ukuthi ithathe isinqumo sokungamshushisi lowo osamisiwe esikhundleni sokuba yibamba likakhomishana wamaphoyisa uKhomotso Phahlane ngamacala okuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.

Amacala amayelana nezinsolo zokuthi uPhahlane wagxambukela ophenyweni olwenziwa yi-Ipid ngezinsolo zenkohlakalo nokukhwabanisa ezibhekene naye.

Ngeledlule kubikwe ukuthi i-Ipid isitholile ukuthi izimoto ezathengelwa uPhahlane zakhokhelwa yinkampani ehlinzeka ngezimoto zamaphoyisa.

Okhulumela i-NPA uLuvuyo Mfaku ukuqinisekisile ukuthi bathathe isinqumo sokungamshushisi uPhahlane ngenxa yokuthi alibonakali njengelizophumelela enkantolo leli cala.

OLUNYE UDABA: Amaphoyisa acela usizo lomphakathi ngabasolwa ngokubulala

I-Ipid ibilokhu isola uPhahlane ngokuthi uxhumana nofakazi ophenyweni lwayo ngomuzi wakhe kanokusho osenyakatho yePitoli.

Kusolwa ukuthi uPhahlane umuzi wakhe wawukhokhela ngokusizwa yizinkampani azisiza ngokwakhe ukuba zithole amathenda emaphoyiseni.

UPhahlane ubelokhu eziphika lezi zinsolo.

Okhulumela i-Ipid uMoses Dlamini uthi sebebhalele uMqondisi wezokuShushiswa koMphakathi bemcela ukuba abuyekeze isinqumo sokungamshushisi uPhahlane.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.