Johannesburg - INational Union of Metal Workers of SA (Numsa) isiyichithile imibiko eqagula ukuthi ingase ithelelane amanzi neqembu elibusayo, i-ANC, bese ibuyela kumadlelandawonye uma ngabe kukhethwa “umholi oza nobumbano”, ethatha izintambo kuMengameli Jacob Zuma engqungqutheleni kazwelonke ekupheleni konyaka.
“Umbono wethu ukuthi uhlelo lozongena esikhundleni ku-ANC alulawulwa yinhloso yoguquko,” kusho uNobhalala Jikelele weNumsa, u-Irvin Jim.
OLUNYE UDABA: Ukusekwa kwaDlamini-Zuma yi-ANCWL kuwukuxhamazela – ANC
Uthi “ukuphela kwesixazululo ukushintsha i-ANC ngeqembu labasebenzi loguquko, elizimisele ukulwa ngempela”.
Iqeqebana elithile lamalunga e-ANC eGauteng likholwa ukuthi isekhona indlela yokuthi iNumsa, owayenguNobhala Jikelele weCosatu owaxoshwa, uZwelinzima Vavi kanye nomholi we-Economic Freedom Fighters, uJulius Malema, basangabuyela ku-ANC uma ngabe uKgalema Motlanthe ethatha izintambo kuZuma.
Omunye wabaholi be-ANC esifundeni saseGoli uthi njengoba uMalema evele esekhombisile ukuthi uyameseka uMotlanthe lokho kuyizimpawu ezinhle okumele bakhele phezu kwazo.
UJim uthi ukuthi ubani umholi olandelayo we-ANC, ngeke kushintshe lutho uma ngabe ingakazimiseli ngokuguqula isimo somnotho, ukuqeda ukuswelakala kwemisebenzi, ukungalingani kanye nobubha.