I-Orlando Pirates imemezele abaxhasi abasha

2018-02-28 16:03

Johannesburg - I-Orlando Pirates imemezele abaxhasi abasha ngemuva kokusayina isivumelwano nenkampani enkulukazi kaphethiloli, iCaltex South Africa.

UTokoloho Moeketsi, wePirates, uzwakalisa ukujabula ngokuxhaswa yinkampani yakwaCaltex.

Utshele i-website yeqembu ukuthi: “Lobu budlelwane neCaltex busho lukhulu ngeqembu. Ngisho sekuphele iminyaka engu-80 ikilabhu yasungulwa, sisaqhubeka nokuheha izinkampani ezinkulu ukuba zisebenzisane nathi emizameni yokubeka ikilabhu kwelinye izinga.

OLUNYE UDABA: Ngisho nogogo wami ubengenza kangcono - Benni

UPrice Njokweni weCaltex uthe: “ICaltex kanye ne-Orlando Pirates yizinkampani ezinkulukazi ezinesifiso sokwenza kahle. Uma lezi zinkampani zihlanganiswa zineminyaka engaphezu kuka-160 zombili.”

NgoSepthemba nyakenye iBhakabhala lasayina isivumelwano seminyaka emithathu sokusebenzisana nenkampani ekhiqiza izimoto, i-Ford South Africa.

IPirates ngoMgqibelo izotholana phezulu neKaizer Chiefs eFNB Stadium (15:30).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.