I-PEC ye-ANC eFree State, namanye amagatsha avinjelwe ukuhambela inkomfa

2017-12-15 18:00

Bloemfontein - INkantolo eNkulu yaseBloemfontein isivimbele amagatsha ambalwa aseFree State ukuba ahambele ingqungquthela kazwelonke yokukhethwa kobuholi ngemuva kokuthi inkantolo ihlakaze i-PEC.

Le nkantolo iphinde yakhipha isinqumo sokuthi inkomfa yokukhethwa kobuholi eFree State kanye nezinqumo ezathathwa kuyo akukho semthethweni.

Lokhu kuchaza ukuthi iProvincial executive committee (PEC) eyakhethwa kule nkomfa ngeke ivunyelwe ukuhambela ingqungquthela kazwelonke. Nokho, inkantolo iyalele ukuthi amagatsha imihlangano yawo eyayingaphikisani nalokhu, ayihambele ingqungquthela.

OLUNYE UDABA: UDlamini-Zuma uselahlekelwe amavoti e-PEC yase-KZN

Inkantolo iyalele ukuthi amagatsha angu-14 namalungu e-PEC angu-27 ngeke bavunyelwe ukuba bavote enkomfeni kaKhongolose ngoMgqibelo.

Abameli bamalungu ayengagculisekile bafaka lesi sicelo, befuna ukuthi inkomfa yesifundazwe ithathwe njengengekho emthethweni kuphinde kunqatshelwe izithunywa zesifundazwe ekutheni zivote engqungqutheleni.

INkantolo eNkulu yaseBloemfontein ngesonto eledlule yanquma ukuthi isifundazwe ngeke sikwazi ukubamba inkomfa kuze kube kuqalwa phansi imihlangano yamagatsha angu-29.

NgeSonto, uSihlalo we-ANC eFree State u-Ace Magashule, owaphinde waqokelwa kulesi sikhundla, wathi izikhulu zesifundazwe zawuthobela umyalelo wenkantolo.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.