Durban - UDkt Irvin "Iron Duke" Khoza
onguSihlalo wePSL umemezele ukuthi bazobhunga emhlanganweni weBoard of
Governors (BOG) ngombono wokuthi kuthathwe ingxenye ethile yemali yokusayina
kwabadlali ifakwe esikhwameni sempesheni yabo.
UKhoza usho lokhu emcimbini wokugubha iminyaka eli-10 iSuperSport TV ishade nePSL obungoMgqibelo ebusuku
eSandton Convention Centre, eGoli.
UMike Makaab oyimenenja yabadlali abaningi
abagijima kuleli naphesheya, utshele ILANGA ukuthi lo mbono kaKhoza uwuseka
ngokugcwele.
Uthi uzosiza abadlali ukuphila impilo engcono nxa sebebeke
amakhokho ethala, hhayi eyobumpabanga.
"Kumele ishayelwe
elikhulu ihlombe iPSL ngalo mbono. Kwamanye amazwe njengaseBelgium kuvele
sekuqalile ukwenzeka kokufanayo. Nokho kuleliya lizwe umdlali uyithola imali
uma eseneminyaka yobudala engaphezulu kwengama-35 futhi intela kayibanjwa kule
mali okuyinto esiza umdlali.
OLUNYE UDABA:Baningi abazodinga impesheni - Gordhan
"Abadlali kumele bakujabulele lokhu,
kuzobasiza kakhulu. Isikhathi esiningi abadlali bafuna imali yabo esandleni
ukuze bayibhubhudle bengakavuthwa emqondweni. Lokhu kuzokwehlisa umthwalo
nakithina njengezimenenja zabadlali esibhekela ikusasa labo."
Uthi iPSL kumele iwuphasise ngokushesha lo
mbono.
UHareipha "Simba" Marumo
obenguMengameli weSouth African Football Players Union (Safpu) uhambe emazwini
kaMakaab. Ubonge uKhoza ngokubona ukubaluleka kwalesi sikhwama.