I-PSL isibeke amaqembu amane amacala

2017-05-23 15:59

Cape Town - IPremier Soccer League (PSL) isibeke amacala amaqembu amane ngokwephula imithetho eyehlukene.

La maqembu azovela ngaphambi kweKomiti lokuQondisa iZigwegwe lePSL ngoLwesine, ngomhlaka-25 kuMeyi ngo-18:00.

MTHATHA BUCKS: Le kilabhu ibekwe icala lokuphula umthetho u-Rule 35.2 weNSL Handbook ngemuva kwezinsolo zokuthi lahluleka ukufaka isibalo okumele lisifake sabadlali abadlala esigabeni sabaneminyaka engaphansi kuka-23 (U23) ngesikhathi leli qembu lidlala neStellenbosch FC ngomhlaka-15 kuFebhuwari 2017, e-Athlone Stadium.

UMthatha Bucks uphinde wabekwa namacala okusabisa kanye nokuthuka ngenhlaba unompempe ngesikhathi ubhekene neFC Cape Town, eNNK Stadium, mhla zingu-6 kuMeyi.

OLUNYE UDABA: ISundowns iqinisekise eyokuvuselelwa kwenkontileka yesethenjwa

CAPE TOWN CITY: Le kilabhu ibekwe icala lokungahambisani neCompliance Manual ngemuva kokuthi isikhulu sayo safika ngemuva kwemizuzu engu-25 emhlanganweni wangaphambi kokuqala komdlalo owaba esikhathini esingamahora amathathu ngaphambi kokuba kuqale umdlalo wayo we-Absa Premiership neMaritzburg United, eHarry Gwala Stadium, mhla lulunye kuMeyi.

MILANO UNITED: Leli qembu libekwe icala lokungaziphathi kahle ngemuva kokuthi izikhulu zalo zafuna ukungena ngenkani endlini okushintshela kuyo onompempe ngemuva komdlalo walo weNFD  neWitbank Spurs ngomhlaka-26 ku-Ephreli 2017, ePuma Stadium.

Lezi zikhulu zeqembu zaphinde zafuna nokuthi igumbi lokushintshela likanompempe liseshwe amaphoyisa ngoba zisola ukuthi onompempe bagwazeliwe.

JOMO COSMOS: Le kilabhu ibekwe icala lokuphula iCompliance Manual yePSL ngemuva kokuthi ihluleke ukuletha uhlu lwesikhashana lwabadlali abazodlala kwi-Match Commissioner esikhathini esingamahora amathathu ngaphambi kokuba kuqale umdlalo neRoyal Eagles, eTsakane Stadium, ngomhlaka-7 kuMeyi.

Ngaphezu kwalokho leli qembu liphinde labekwa icala ngokomthetho u-Rule 15.8 ngokunqaba ukuvumela iqembu elalizodlala nalo, iBlack Leopards,  ukuthi lingene ezindlini zokushintshela emdlalweni wabo weNFD eTsakane Stadium ngomhlaka-26 ku-Ephreli. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.