I-PSL isimemezele abahlabane ngezindondo

2017-02-13 18:00

Cape Town – IPremier Soccer League (PSL) isibamemezele abahlabane ngezindondo kwimiklomelo yazinyanga zonke nalapho ukaputeni weCape Town Ciy, uLebogang Manyama, evotelwe khona ngobuningi njengomdlali ovelele we-Absa Premiership ka-Okthoba-Novemba kanye noDisemba.

UManyama ubelokhu evutha engabaselwe kusukela kuqale isizini yonyaka ka-2016/17 ye-Absa Premiership, kanti uqokwe ngenxa yamagoli akhe abesiza iCity ukuthi iwine iningi le midlalo esiyiwinile.

OLUNYE UDABA: IPSL igxeke udlame lwabalandeli kushaywa iPirates

Ithimba lamajaji likhethe yena phakathi kwabadlali abeqhathwe nabo okubalwa kubo uzakwabo u-Aubrey Mngoma, uPrince Nxumalo we-Ajax Cape Town, kanye nabadlali ababili beSuperSport United, uThabo Mnyamane kanye noReneilwe Letsholonyane.

UManyama, novalele enethini amagoli angu-7 ngo-Okthoba-Novemba kanye noDisemba, uhalaliselwe kanye nomqeqeshi wakhe, u-Eric Tinkler kanjalo nomqeqeshi weSuperSport United, uStuart Baxter.

UTinkler uqokwe njengomqeqeshi ovelele kuligi enyangeni kaDisemba kanti ngakolunye uhlangothi uBaxter yena uqokwe ngokuwina ngesikhathi sango-Okthoba-Novemba.

I-United ibilokhu ivutha ingabaselwe esigabeni sokuqala sesizini nokuholele ekutheni inyukele phezulu kuligi.

UTinkler noBaxter baqwaqwade emakhanda abanye abaqeqeshi abenze kahle kuligi okubalwa kubo uStanley Menzo, uGavin Hunt, uLuc Eymael, uPitso Mosimane kanye noSteve Komphela.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.