I-PSL ivuselele isivumelwano no-Absa

2017-08-15 11:03

Johannesburg - Ibhange lakwa-Absa selisayine isivumelwano seminyama emihlanu sokuxhasa iPremier Soccer League.

Isivumelwano esisha sisayinwe bukhomba ohlelweni lwakaSuperSport, ngusihlalo we-PSL uDr Irvin Khoza kanye nesikhulu sakwa-Absa and Barclays Africa Group uBobby Malabie.

“Ukusebenzisana kweminyaka eyishumi kukhombisile ukuthi ubudlelwane ukuze busebenze isikhathi eside kumele zombili izinhlangothi zibe nezinhloso ezifanayo ezizokwenza kubanjiswane,” kusho uDr Khoza.

OLUNYE UDABA: UPisto ufuna uBrockie avale indawo kaBilliat

"Njengoba sivuselela isivumelwano ngeminye iminyaka emihlanu, sithanda ukubonga u-Absa ngokwethemba i-PSL ukuthi ingakwazi ukudlulisa umyalezo wayo ezigidini zabantu.”

Isivumelwano ngesengxenye yezigidigidi zamarandi eminyakeni emihlanu.

Ngesizini ka-2017/18 amakilabhu angu-16 adlala ku-Absa Premiership azophinde alwele umkomelo ka-R10 million.

- KickOff.com

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.