Johannesburg - ISouth African Airways
(SAA) kanye nezinye izinkampani zamabhanoyi
sezihoxise amabhanoyi aya eNnamdi Azikiwe International Airport enhlokodolobha
yaseNigeria i-Abuja ngenxa yesimo esingesihle sesikhumulo sezindiza.
I-SAA ihoxise
amabhanoyi ayo amasonto ayisithupha, njengoba bekuqala ukulungiswa kwendawo ahlala
kuyona amabhanoyi uma efika.
Lokhu kungemuva
kwesehlakalo sango-Agasti ngonyaka odlule lapho elinye lamabhanoyi lalimala
ngesikhathi lihlala khona.
OLUNYE UDABA: Kuxwayiswa izakhamuzi ngobugebengu emathuneni
Ngokweziphathimandla
zaseNigeria isimo sendawo okuhlala kuyona amabhanoyi asisihle neze, ngendlela
yokuthi amabhanoyi awakwazi ukufikela kulesi sikhumulo sezindiza ebusuku.
I-SAA ijoyine iBritish Airways, KLM kanye ne-Air
France ekuchitheni isiphakamiso sikahulumeni waseNigeria sokuba amabhanoyi
afikele edolobheni laseKaduna bese abagibeli bethuthwa ngamabhasi beya e-Abuja,
kubika iBBC ngoLwesithathu.