I-SABC ingase iphucwe ilayisensi uma ingawulandeli umyalelo

2016-07-12 12:31

Johannesburg - ISouth African Broadcasting Corporation (SABC) ingase iphucwe ilayisense yokusebenza uma kuphoqeleka.

Lokhu kushiwo uRubben Mohlaloga we-Independent Communication Authority of SA (Icasa) ngesikhathi ebuzwa ngu-John Robbie we702 ngokushiwo yisikhulu seSABC uHlaudi Motsoeneng ngemuva Kwesinqumo sabo.

UHlaudi Motsoeneng ngoMsombuluko uthe akekho ozobatshela ukuthi basenze kanjani, ngemuva kokuba i-Icasa ikhiphe isinqumo iphoqa iSABC ukuba isakaze imibhikisho enodlame.

Funda nalolu daba: Uyelulama unogada olimale kuqhunyiswa i-ATM

UMohlaloga utshele i-702 ngoLwesibili ukuthi i-Icasa ingabaxwayisa noma ibahlawulise, kanti uma iphoqeleka ingabaphuca ngisho ilayisense yokusebenza.

Uthe iSABC inezinsuku eziyisikhombisa zokuba yenze njengokuba iyaleliwe noma lolu daba iludlulisele enkantolo yezomthetho.

Okhulumela iSABC uKaizer Kganyago uthe iSABC nakanjani lolu daba izoludlulisela enkantolo.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.