I-SABC ingase iqondise izigwegwe uRobert Marawa ngokuduba uhlelo

2017-06-19 09:32

Johannesburg – I-SABC izilungiselela “ukubhekana” nomethuli wezemidlalo weMetro FM ongaconsi phansi, uRobert Marawa, ngokuduba uhlelo lwakhe ngenhloso yokuzwelana nomdidiyeli wakhe omisiwe, kubika iCity Press.  

NgoLwesine, uMarawa unikele enkundleni yezokuxhumana ezwakalisa ukungenami kwakhe ngalo msakazeli womphakathi ngokumisa uBeverley Maphangwa ngokudlala umsindo kaSizwe Mabena ephendula kwimibono ezwakaliswe uBaba Nthethwa.

NgoLwesihlanu, okhulumela iSABC, uKaizer Kganyago, utshele iCity Press ukuthi sebekubonile ukuphawula okwenziwe uMarawa ezinkundleni zokuxhumana.

“Sizobhekana nalokho kuphawula ngesonto elizayo,” usho kanje.

Umdidiyeli kaMarawa, uMaphangwa, umiselwe ukungahambisani nemigomo yemisakazo kanye nokuphula inkontileka yakhe.

OLUNYE UDABA:Bayaqhubeka ‘nokungahoshelani’ uFikile Mbalula noRobert Marawa

UMarawa ubhale kuTwitter ukuthi: “Ngibatshelile abaphathi ukuthi ngizozikhipha ohlelweni ngoba yimina empeleni owenze ubugebengu. Ngakho engeke ngibe khona kusihlwa.”

Nokho izinkinga zalesi siteshi azipheleli lapho njengoba iCity Press ithole ngoLwesithathu ukuthi ngesikhathi iMetro FM inephathi ewubukhazikhazi endaweni yomtakabani eTaboo nightclub, eSandton, ngenhloso yokugubha uhlu lwabasakazi bayo abasha kanye nezinhlelo ezintsha, abanye babaculi abawina kuma-Metro FM Music Awards kanye nalabo ababenandisa bebesalokhu belinde ukukhokhelwa.

ICity Press ibika ukuthi ezinye zezicukuthwane ebezinganeme bezizibuza ziziphendula ukuthi lesi siteshi siyithathephi imali yokwenza lo mcimbi, ikakhulukazi njengoba kuvele imibiko yokuthi iSABC ayisenamali.

Ngokombiko we-City Press, izicukuthwane ziphakanyelwe ngesidlo se-lunch, i-dinner kanye neziphuzo kwaze kwaba u-22:00 nalapho kube sekuqala khona ukusebenza kwe-bar ekhokhelwayo kwaze kwaba yimaphakathi nobusuku, nalapho ezinye zezicukuthwane bezilokhu zikhale njalo ngokuthi “iSABC ayisafani”.

Zifundele okunye ukuphawula okwenziwe uRobert Marawa kuTwitter ngezansi: 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.