I-SACP ayizisoli ngokweseka uZuma emacaleni enkohlakalo

2017-10-17 11:01

Johannesburg – IPhini lokuqala likaNobhala Jikelele weSouth African Communist Party (SACP), uSolly Mapaila, litshele i-Eyewitness News ukuthi inhlangano yabo ayizisoli ngokweseka uMengameli Jacob Zuma phambilini ngesikhathi ebhekene namacala enkohlakalo.

INkantolo yokuDluliswa kwamaCala ngoLwesihlanu olwedlule ikuqinisekisile ukuthi isinqumo sokuhoxiswa kwamacala kaMengameli ngo-2009 sasingafanele.

UMapaila ubethamele i-gala dinner yeSouth African Forum of Civil Engineering Contractors ngoMsombuluko ebusuku.

I-SACP ingenye yezinhlangano ezeseka uZuma ngesikhathi ethweswa amacala okokuqala.

OLUNYE UDABA: Amaphoyisa ecela usizo ngokubulawa komshayeli wetekisi eKZN

Ngaleso sikhathi, le nhlangano yayithi kusetshenziswa izinhlaka zoMbuso ukuhlasela uZuma.

Manje uSolly Mapaila weSACP uthi nakuba beqhubeka nokufuna ukuba uMengameli ehle esikhundleni, abazisoli ngokumeseka kwabo.

Uthi babemeseka ngenxa yezinto abakholelwa kuzona, kunezinto ababengazazi ngaleso sikhathi kodwa abazaziyo manje.

I-SACP ithi uMengameli kumele abenosuku lwakhe enkantolo futhi imsola ngokusebenzisa izinhlaka zoMbuso ukubambezela icala lenkohlakalo. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.