I-SACP ayizukweseka muntu kwababheke esokuhola i-ANC

2017-12-04 07:59

JOHANNESBURG - Isigungu esiphezulu ku-South African Communist Party (SACP) sikhiphe isinqumo sokungabi nemibono ngothandwa yibo ekuholeni i-African National Congress.

AmaKomanisi asho lokhu ngesikhathi ebambe isithangami sabezindaba ngemuva komhlangano ababe nawo lapho ubuholi babo bukhethe ukungeseki muntu njengoba sekusondele inkomfa ye-ANC.

Yize kunjalo, le nhlangano iyalele amalungu ayo ukuba avumelane ngevoti lawo ukuze bezokhipha i-ANC kule nkinga yobuholi obuntekenteke.

OLUNYE UDABA:Izinguquko ezenziwe uZuma zizolimaza ubudlelwane ne-SACP - Mantashe

UNobhala Jikelele we-SACP uBlade Nzimande uthe: "Okokuqala, ubuholi kumele bulungiselelwe kahle ukuze bukwazi ukuqhubeka nokulwa nenkinga yokugodlwa kwamandla ombuso, kanye nezinye izinhlobo zenkohlakalo futhi bakwazi nokuzehlisa, kusungulwe ukhomishana ozopheywa ngokugodlwa kwamandla ombuso kanye nezinye izinsolo zobugebengu ngaphandle kokwesaba noma ukukhetha iphela emasini."

Njengoba sekusele amasonto amabili iqale inkomfa enkulu yokukhetha ubuhole be-ANC, izifundazwe eziningi zikubeke kwacaca ukuthi babili abaphakanyiselwe ukulwela lesi sikhundla, yiPhini likaMenagmeli uCryil Ramaphosa kanye noDkt Nkosazana Dlamini-Zuma.

IGauteng isanda kuveza ukuthi amagatsha ayo amaningi ahamba noRamaphosa, lesi sifundazwe sijoyina iNorthern Cape, Western Cape ne-Eastern Cape, kubika i-EWN.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.