I-SACP ithi imile ekutheni ufuna ehle esikhundleni uZuma

2017-08-06 13:34

Johannesburg - ISouth African Communist Party (SACP) iyayiphika imibiko ethi izovotela ukumgcina esikhundleni sakhe uMengameli Jacob Zuma esiphakamisweni sokungethenjwa kobuholi bakhe ePhalamende ngoLwesibili.

Le nhlangano ithi ayisoze yameseka uMengameli Zuma futhi iyaqhubeka nokufuna ukuba ehle esikhundleni noma i-African National Congress (ANC) imsuse.

Njengoba sekusele izinsuku ezimbili ngaphambi kokuba kuphikiswane ngesiphakamiso, akucaci kahle namanje ukuthi amalungu ePhalamende azovota ngokuyimfihlo yini noma ngokuvulelekile njengoba uSomlomo uBaleka Mbete engakasikhiphi isinqumo.

OLUNYE UDABA: Akakatholakali usomabhizinisi nakuba imoto yakhe itholwe ishisiwe

ICommunist Party ithi imibiko ngeke yabenza bajike ekutheni bafuna uZuma ehle esikhundleni.

Okhulumela l enhlangano u-Alex Mashilo uthi, “Ngeke iSACP yeseke uMengameli Jacob Zuma, ekubeni yasithatha kudala isinqumo sokuba umengameli kumele ehle esikhundleni.

“Okwethu kucacile, uMengameli Jacob Zuma kumele ehle esikhundleni, uma kungenjalo i-ANC ayimehlise. Simile kulokho.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.