I-SACP ithi ngeke imeseke uZuma enkantolo

2018-04-05 07:01

Johannesburg - Umholi weSACP uBlade Nzimande uthi lenhlangano ngeke imeseke lowo owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma uma eyovela enkantolo ngamacala enkohlakalo ngoLwesihlanu.

UNzimande uthi sekuyiskhathi sokuthi uZuma ayoziphendulela ngamacala akhe enkohlakalo kanye nawokushushumbisa imali.

"Ngeke, siyi-SACP sicabanga ukuthi kubalulekile ukuba sizihloniphe izinkantolo. Izinkantolo yilapho okuqulwa khona amacala ngakhoke kumele sihambisane nemigomo yawo, futhi ngeke sibe ngisho ngaphandle kwasenkantolo,"kusho uNzimande ekhuluma esithangamini sabezindaba ngaphandle kwekhaya likaMadikizela Mandela.

UZuma kulindeleke ukuba avele eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngoLwesihlanu eyobhekana namacala angu-16 enkohlakalo, ukukhwabanisa kanye nokushushumbisa imali.

OLUNYE UDABA: Asenkantolo amadoda abhekene nawokubulala izingane eMpumalanga

INhloko yeNPA uShaun Abrahams wathatha isinqumo sokuba kuqhutshekwe nokuqulwa kwamacala kaZuma.

Ngokwedlule, iSACP ikakhulukazi uNzimande babemeseka uZuma ngesikhathi kusaqulwa lawa macala ngo-2008.

Kulokhu, uNzimande uthi itshe ligaya ngomunye umhlathi, kubika iPolitical Bureau.

Ungqogqoshe wamaphoyisa uBheki wexwayise lowo owayengumengameli wezwe uJacob Zuma kanye nabalandeli bakhe ngokuthi kabahlukane nokumema noma ukuhlanganisa izinhlaka ze-ANC ukuba zimeseke uma eseyovela enkantolo ngamacala enkohlakalo.

NgoLwesihlanu, uZuma uzovela okokuqala eNkantolo eNkulu eThekwini nokuyilapho ezophinde athweswe khona kabusha amacala enkohlakalo ngesikhathi kuthengwa izikhali.

“Akekho umuntu okungeyakhe i-ANC. Uma wenza amacala kumele ubhekane nawo ngaphandle kokubiza i-ANC ukuba ikuvikele sengathi wawutshontshela yona, ekubeni wawuzenzela wena nezingane zakho,” kusho uCele.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.